bhalwe ngu – Arundhati Roy yahunyushelwa esiZulwini ngu – Nontobeko Hlela, Abahlali baseMjondolo
 
Uma sikhuluma ngokuphikisana no “Mbuso”, kudingeka sizibuze ukuthi 
“uMbuso” uchazani? Ngabe uchaza uhulumeni waseMelika (kanye namazwe ezwa
 yona ase-Europe), iBhange lomhlaba (World Bank), inhlangano yezizwe 
ebheka izindaba zezimali (International Monetary Fund), noma inhlangano 
yomhlaba ephathelene nezokuhweba na (World Trade Organization)? Noma 
mhlawumbe yinto engaphezulu kwalokhu.
Emazweni amaningi lombuso usuzale imixhantela eminye, eminye 
yalemixhantela evela emaceleni iyingozi – njengoku phakamisa ubuzwe 
(nationalism), ukucwasana ngokwenkolo, ukuphatha ngengcindezelo 
nobuhluku, kanye nobuphekula zikhuni. Zonke lezi zinto zihambisana 
ncamashi kanye nezinhloso ze-corporate globalization.
Ake ngichaze ukuthi ngiqondeni. I-Ndiya – le eyaziwa njengezwe 
elinokuphatha kwabantu okukhulu– njengoba sikhuluma nje, leli izwe 
elihamba phambili kwizinhloso ze-corporate globalisation. “Imakethe” 
yalelizwe inabantu abayibhiliyoni, livulwa ngenkani yi-WTO. 
I-corporatisation ne privatisation sekumukeliwe nguhulumeni kanye nalabo
 abakhethekileyo baseNdiya.
Akwenzekanga ngephutha ukuthi uMongameli wezwe, uNgqongqoshe 
wezasekhaya, uNgqongqoshe we-Disinvestment- kube ngamadoda asayinda 
isivumelwano nenkampani yakwa Enron eNdiya, yiwo futhi adayisa 
I-infrastructure ezinkampanini ezinkulu, ezisebenza emazweni amaningi 
ahlukene,yilamadoda afuna ukuthi amanzi abe sezandleni zabantu abazimele
 hhayi zahulumeni, ugesi, u-oyela’ amalahle, insimbi, ezempilo, imfundo,
 kanye nezokuxhumana nazo bafuna ukuzidayisa – lamadoda wonke 
angamalunga noma abancomi be- RSS. I-RSS inhlangano engathandi 
izinguquko, eqhayisa ubuzwe bobuHindu, engafihli futhi ukuthi iyamncoma 
uHitler ngendlela ayenza ngayo izinto eJalimane.
Ukudicilelwa phansi kwentando yeningi kuqhubeka ngesivinini 
nangekhono eliseqopheleni eliphezulu. Ngenkathi isu le-corporate 
globalistaion liklebhula izimpilo zabantu eNdiya, ukudayisa kwezinto 
ebeziphethwe nguhulumeni ziye ezandleni zabantu abazimele kwenzeka 
kakhulu kakhulu, “izinguquko” endleleni yokusebenza zixosha abantu 
emhlabeni wabo zidale nokuthi abantu balahlekelwe umsebenzi. Amakhulu 
ngamakhulu babalimi abantulile bancama ukuthi bazibulale ngokuthi 
baphuze ushevu wokubulala izilokozane. Imibiko yabantu abafayo kungenxa 
yendlala eyafika ezweni lonke.
Ngenkathi laba abacebile nabakhethekileyo bethatha uhambo lwabo 
ngokomqondo olungathekiswayo ngasokhakhayini lomhlaba, laba abadingisiwe
 bashona phansi bakhalakathele ebulelesini nasekuphithizeleni. Lesi simo
 sashaqisa, futhi baphelelwa ithemba ezweni lonke, uma sibheka umlando 
uyasitshela ukuthi izimo ezinjalo ziyindawo evundile yokuzala 
ingcindezelo.
Izingalo zikaHulumeni waseNdiya sezikuyolile ukusebenza njengodlaka. 
Ngenkathi enye ingalo imagange idayisa isigaxa sezwe, enye iphambukisa 
ukunganakwa. Umkhulungwane, ukuhohoza okukhuluma ngobuzwe bohlanga 
lamaHindu nokucindezewla ngokwenkolo. Uhulumeni wenza ucwaningo 
ngezikhali ze-nuzi, ushicilela kabusha izincwadi zemilando, ushisa 
amasonto, ubuye udicilele phansi izindawo zamaSulumane zokukhonza. 
Ukuhlolisisa izinto ezibhalwayo nezivezwa komabonakude ukuze ziveze 
lokho uhulumeni akufunayo, ukubhekwa nokulandelwa kwabantu, ukumiswa 
kwenkululeko yabantu, kanye namalungelo abantu, konke lokhu kudala 
ukuthi incazelo yokuthi ubani oyisakhamuzi saseNdiya nokuthi ubani 
ongesona, ikakhulu nxa kuphathelene nalabo abayingcosana uma kufikwa 
ezindabeni zenkolo, kungabe kusaqondakala kahle.
NgoMbasa odlule, esifundazweni saseGujarat, izinkulungwane ezimbili 
zamaSulumane zabulawa ngonya, lesi senzo sasikhuthazwe nguhulumeni. 
Abesifazane bamaSulumane babenonjoliwe. Babe khunyulwa, bese 
bahlukunyezwe ngokocansi idlanzana lamadoda, ngaphambi kokuthi 
bakhongelwe ngomlilo bephila. Abanye babephanga, bashise ngamabhomu 
izitolo, imizi, izindawo zokukhiqiza izimpahla ezilukiweyo, kanye 
nezindlu zokusonta zamaSulumane.
Angaphezulu kwekhulu nezinkulungwane ezingamashumi amahlanu (150 000)
 amaSulumane asexoshiwe emizini yawo. Ingqikithi yesimo somnotho 
samaSulumane sesicekelwe pahansi.
Ngenkathi isifundazwe saseGujarat singqongqa, uMongameli waseNdiya 
waye kwiMTV (isiteshi sikamabonakude esidlala umculo) eyophakamisa 
egqugquzelela izinkondlo ayezibhalile. NgoNhlolanja walonyaka, uhulumeni
 lo owawugqugquzela ukubulawa kwabantu uphinde wavotelwa ukuthi uphinde 
uphathe, wawina kahle nje futhi. Akekho umuntu opanishiwe ngenxa yalesi 
senzo sokubulala esenzeka. UNarendra Modi, okunguye owaye ngumklami 
walezi zehlakalo, nolilungu eliziqhenyayo le-RSS, useqale umkhawulo 
wesibili njengoNdunankulu wesifundazwe saseGurajat. Uma ubenguSaddam 
Hussein, noma ikanjani yilobo nalobo budlova abenzile bebuzovezwa phambi
 kweCNN (isiteshi sikamabonakude saseMelika sezindaba esisakaza 
emhlabeni wonke imini nobusuku). Kodwa-ke ngoba akayena uSaddam – kanti 
futhi “imakethe” yaseNdiya ivulekile kubatshali zimali bomhlaba wonke – 
ukubulala kwakhe uModi akuyona neze into embangela amahloni noma 
emphoxayo emphakathini.
Endiya, kunamaSulumane angaphezu kwekhulu lesigidi (100 000 000). Kune bhomu elingaqhuma noma inini kuleliya lizwe.
Konke lokhu kuyaveza ukuthi kuyimpicabadala ukuthi ukuhweba 
ngokukhululeka kuwisa izithiyo zobuzwe. Ukuhweba okukhululekile 
akusabisi neze ukuzibusa kwamazwe, okukwenzayo ukubukela phansi amandla 
entando yeningi.
Ngenkathi ukungalingani phakathi kwabacebile nabampofu kukhula, 
ukulwela ukukwazi ukuthola amandla kubanzulu. Ukukwazi ukudlulisa 
izivumelwano zabo ezinongiwe, ukukwazi uku-corporatize izilimo 
esizitshalayo, amanzi esiwaphuzayo, umoya esiwuphefumulayo, kanye 
namaphupho esiwaphuphayo, I-corporate globalization idinga inhlangano 
yesivumelwano yomhlaba ethembekile, yohulumeni abonakele, 
abanengcindezelo emazweni antulile ukuze ikwazi ukuthi kuphumelele 
ukuthi izinguquko abantu abangazifuni zenzeke nokuthi ithulise abazama 
ukuhlubuka nokuvukela umbuso.
I-corporate globalization – noma kumele siyibize ngegama layo 
langempela? – I-imperialism – idinga abantu abathutha izindaba 
abazokwenza sengathi basakaza ngenkululeko. Idinga izinkantolo ezishaya 
sengathi zifika ezinqumweni ngokomthetho.
Ngenkathi kwenzeka lokhu, amazwe aseNyakatho ayaqinisa, avala 
imingcele yawo ukuze kungangenwa noma ikanjani emingceleni yawo., abuye 
futhi athenge ngamandla izikhali ezinokufa okukhulu. Kadeni kumelwe 
baqinisekise ukuthi yimali nje kuphela, izimpahla, nokusebenza 
okuglobhalazwayo. Hhayi ukuhamba ngenkululeko kwabantu. Hhayi 
ukuhlonipha amalungelo abantu. Hhayi izivumelwano zomhlaba eziphathelene
 nokucwasa ngebala noma izikhali zamakhemikhali neze-nuzi, noma izinto 
ezibulala ubunjalo bomhlaba ngokungcolisa ngezintuthu zezimoto 
nezamafekthri okwandulela ekushintsheni kwezulu.
Konke lokhu, singakubiza ngo-“mbuso”. Le nhlangano ethembekile, lokhu
 kunqwamelisana kokufuna ukuthola amandla, lesi sikhala esikhulu 
phakathi kwalabo abenza izinqumo nalabo okufanele baphile ngaphansi 
kwazo siyanda.
Impi yethu, umgomo wethu, umbono wethu ngomunye umhlaba, kufanele kube nguku vala lesi sikhala.
Ngakho-ke siwuvimbela kanjani “umbuso”?
Izindaba ezimnandi wukuthi asenzi kabi kakhulu, imizamo yethu 
iyabonakala. Sekuke kwaba khona ukunqoba okusemqoka. Lapha e-Latin 
America sekuzekwenzeka izikhathi ezimbalwa lokhu – eBolivia, kukhona 
uCochabamba. ePeru, kwabakhona ukuvukela umbuso e-Arequipa, eVenezuela, 
uMongameli uHugo Chavez usabambelele, yize iMelika isizame kabi 
ukumchitha.
Futhi amehlo omhlaba athe njo kubantu base Argentina, abazama ukutakula izwe labo emlotheni elifakwe kuwo yi-IMF.
ENdiya umzabalazo olwa ne-corporate globalization uyakhula, akukude 
kube yiwo kuphela ozokwazi ukumelana nengcindezelo ahimbasana nokucwasa 
ngokwenkolo.
Amanxusa e- corporate globalization ango ngqa phambili ezinkampani 
zakwa – Enron, Betchel, WorldCom, Arthur Anderson – bezikuphi nyakenye, 
futhi zikuphi-nje namhlanje?
Lapha eBrazil kumele sibuze ukuthi ubani obenguMongameli nyakenye, nokuthi sekungubani namhlanje?
Yize, noma abanye abaningi bethu sisafikelwe ubumnyama, sizizwa 
siphelelwa amandla nethemba. Siyazi ukuthi ngaphansi kompheme wempi 
yabavukela mbuso (War Against Terrorrism) amadoda agqoke amasudi 
amatasatasa ayasebenza.
Ngenkathi amabhomu esinetha, nezilabi zindiza esibhakabhakeni, siyazi
 ukuthi amakhontilaka azobe esayindwa, ama-patents e-register, amapayipi
 a-oyela efakwa, ingcebo yemvelo iphangwa, amanzi edayiselwa izinkampani
 ezizimele, bese uyamangala ukuthi yini u-George Bush efuna ukuyohlasela
 I-Iraq.
Uma sibuka lokhu kuphikisana njengoba kubhekene ngeziqu zamehlo 
“noMbuso”, bese ubheka labo abethu abaphikayo bezabalaza, kungabukeka 
sengathi siyahlulwa.
Kodwa-ke ikhona enye indlela esingayibheka ngayo le mpikiswano. Thina
 sonke esilapha, sonke ngezindlela zethu, siwubambile “umbuso”.
Mhlawumbe asikakayibambi-ngqi – okwamanje – kodwa sesiyivezile ubuze 
bayo. Siyenze yakhipha imaskhi. Siyiphoqelele ukuthi ivele obala. Manje 
imi phambi kweshashalazi lomhlaba elikhulu, inqunu, iveziwe ubuhluku 
nobubi bayo bampela.
Umbuso uingahamba uyolwa lempi yayo efuna ukuyilwa, kodwa manje 
isisobala – yimbi ayikwazi nokuzibuka emehlweni. Lombuso mubi 
ngalendlela yokuthi uyahluleka ngisho ukugcina abantu bayo bengakuyona. 
Ngeke kuthathe nesikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi abantu 
baseMelika babe mdibimunye nathi.
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule e-Washington, ikota lesigidi sabantu 
besibhikisha siphikisana nempi yase Iraq. Inyanga nenyanga izwi 
lokusola, nokuphikisana liyakhula.
Ngaphambi kukaMfumfu wamhlaka 11 2001 iMelika ibinomlando ofihlekile.
 Ubuyi mfihlo ikakhulu kubantu bayo. Kodwa manje izimfihlo zeMelika 
sezingumlando, nomlando wawo usuwaziwa uwonke-wonke. Kukhulunywa ngawo 
ezitaladini.
Namhlanje, siyazi ukuthi yonke impikiswano ebisetshenziswa ngempi 
yase-Iraq, ukuthi ingamanga. Into ehlekisa kakhulu yile ethi uhulumeni 
waseMelika uzimisele ukuletha intando yeningi e-Iraq.
Ukubulala abantu ngoba uthi uyabasiza noma ufuna ukubakhulula 
kuhulumeni wengcindezelo umdlalo omdala wahulumeni waseMelika. Lapha 
eLtin America, niyazi kangcono leyonto kunabanye emhlabeni.
Akukho ongabazayo ukuthi uSaddam Hussein ungumphathi onesihluku 
esibi, umbulali (yize kunjalo izenzo zakhe ezimbi kakhulu zaxhaswa 
nguhulumeni waseMelika nowase Ngiladi). Akungabazeki ukuthi abantu 
baseIraq bangabangcono kakhulu uma uSaddam engekho.
Uma kunjalo kodwa umhlaba wonke ungaba ngcono kakhulu uma uMnuzane Bush 
“othile” enganyamalala. Empeleni, uyingozi kakhulu kunoSaddam Hussein.
Ngenxa yalokho-ke sekufanele simbambe simkhiphe ezindlini zaseMelika zahulumeni e-White House?
Kusobala ukuthi uBush uzimisele ngokulwa ne-Iraq, nanjengoba 
kunezinkomba eziqinisekile zokuthi akanandaba nabantu emhlabeni ukuthi 
bathini.
Ekuzameni kwayo ukuthola abantu abazoma ngkuyo, iMelika izimisele ngisho nokuqamba amanga.
Lo mdlalo ewudlalo iMelika ngabahloli bezikhali, le indlela yayo 
yokuba icanule noma, ithuke, izama ukuthola indlela okuzoba sengathi 
yenze yonke into esemandleni ngaphambi kokuthi ihlasele e-Iraq. Lokhu 
kufana nokushiya “intuba” ivuliwe ukuze kuthi lapho sekugoqwa 
abazimbandakanya neMelika, mhlawumbe nenhlangano yezizwe imbala, bakwazi
 ukugaqa ngamadolo bangene.
Uma sikhuluma iqininso, impi entsha ne-Iraq isiqalile.
Singenzani thina?
Singacijisa izingqondo zethu, sifunde emlandweni. Singaqhubeka 
sivuthele amalangabi kubantu nemibono yabo, kuze kugcine sekubanga 
inhlokomo enkulu engazibeki.
Singayiphendula lempi yase-Iraq siyiguqule ibe isitsha senhlanzi Ekhombisa ukunganeliseki kwahulumeni waseMelika.
Singabadalula o-George Bush noTony Blair – kanye nabaxhumene nabo - 
ukuthi bangamagwala ababulala abantwana, ukuthi bafaka ushevu emanzini 
abantu abaphuza kuwo, nokuthi bayizinti ezingenamgogodla ezibhomba 
zikude.
Singakha kabusha ngezindlela ezahlukene indlela yokungalaleli 
singumphakathi. Ngamanye amazwi, singaqhamuka nezindlela eziyizigidi 
zokuthi sibe yimbumba ezobelesela.
Nxa uGeorge Bush ethi “uma ungekho ecaleni lethu, ukulelo labavukeli 
mbuso” singathi kuye, “Qha, siyabonga”. Singamtshela ukuthi abantu 
bomhlaba akudingi ukuthi bakhethe phakathi kobubi obufanayo.
Amasu kanye namacebo okuphemba ethu, akufanele kube kuphela ilawo 
okulwa nombuso, kodwa kumele siwuvimbe. Siwucindezele, siwuncishe umoya.
 Siwuveze ukukhohlakala kwawo. Siwubhuqe ngobuciko bethu, umculo, 
izincwadi, ngenkani, ngenjabulo, ngobuhlakani, ngokungaphezi kanye 
nokukwazi ukuthi siyixoxe indaba yethu. Sixoxe izindaba ezihlukile 
kunalezo abafuna sizikholwe.
I-corporate revolution izobhidlika uma sinqaba ukuthi sithenge lokho 
abakudayisayo – indlela yokwenza, ukulandisa umlando, izimpi zabo, 
izikhali kanye nokwenza sengathi ayikho enye indlela ngaphandle kwale 
abayishoyo.
Khumbulani lokhu: Thina sibaningi kunabo. Basidinga kakhulu kunalokho sibadinga bona.
Omunye umhlaba, enye indlela yokuphila, hhayi nje ukuthi ingenzeka 
kodwa isendleleni. Uma usuku lucwathile ngiye ngiwuzwe lomhlaba omusha 
ozayo uphefumula.
* U-Arundhati Roy wayeyibhalele ukukhuluma ePorto Alegre, eBrazil, ngoNhlolanja wa- 27 enyakeni wa-2003.