![]() |
uRichard Pithouse |
U Holloway wazalelwa eIreland wabamba iqhaza emizabalazweni yaseNgilandi. Wayebhala ngemizabalazo
yabasebenzi bemboni yezimoto yakwa Nissan eSunderland ngo 1980.
Njengamanje usehlala eMexico lapho eyingxenye yomzabalazo wombutho
odumile okuthiwa ama Zapatista. Ngonyaka ka 2002 wabhala incwadi
ethi Change the World without Taking Power (ukushintsha izwe ngaphandle kokuphatha umbuso). Lencwadi yaba nomthelela omkhulu
ekulweni nogombela kwesabo abayizikhondlakhondla zomnotho basemazweni aseMelika nase Europe kumbandakanya nokubhikishela
inhlangano yezokuhweba yomhlaba (World Trade Organisation) eSeattle ngo November ka 1999.
Umsebenzi kaHolloway ubambelele ephuzwini lokuthi ingcindezelo iwumphumela wokuziphatha kongxiwankulu,
namandla emali esetshenziswa ukwenza abanothile banothe kakhulu
nabampofu babe mpofu kakhulu. Nakuba kucaca ukuthi abanye bethu
imizabalazo ayibhekene nje kuphela nokulwa nongxiwankulu kodwa
singakucacisa ukuthi ukulwa nongxiwankulu kusemqoka kakhulu. Uma sibuka Abahlali basemjondolo siyathola ukuthi babelokhu bekuphawula ukuthi ukubaluleka komhlaba akugxile ekusetshenzisweni kwawo
imiphakathi hayi inani ongathengiswa ngalo. Okunye esingakubuka
umzabalazo
wabasebenzi basezimayini wokulwelwa amaholo angcono
nokuphathwa
kwezimayini ngokuhlanganyela, lomzabalazo uyingxenye yokulwa
nongxiwankulu. Lamaphuzu asemqoka ukwenza sikhone
ukuxoxisana
noHalloway.
U Holloway uhlezi egcizelela ukuthi umzabalazo uqala kubantu
basemazingeni emiphakathi njengoba besuke bephikisana nengcindezelo.
Lokhu kubonakala ngenkathi abantu bezabalazela ukuthola
umhlaba,
amanzi kanye nogesi nangokuthi badle imihlaba bazixhumele
bona ugesi
namanzi kokunye, baze benze imibhikisho ngokuvimba imigwaqo
nezinhlabaluhide. Indlela ababambisene ngayo ikhombisa
ukunakekelana,
ukuhloniphana kanye nokungacwasani. U Holloway naye
uyakuveza
ukuthi lendlela yokwenza iyo enomthelela wokukhulisa
nokuqinisa
imizabalazo yokulwa nongxiwankulu. U Holloway uhlukile
kwamanye
amashoshozela emizabalazo ngoba wona abuka imiphakathi
njengabantu
abangazi lutho abafanelwe ukufundiswa ukuthi uyini
umzabalazo.
La eNingizimu Afrika lokhu kubonakala ngokusobala uma
kubhekwa
indlela izinhlangano ezisebenza nemiphakathi ezenza ngayo.
Lezinhlangano azilandeli okufunwa imiphakathi futhi
azilaleli imibono
yemiphakathi kodwa zifuna imiphakathi yenze okufunwa yizo,
nezimfundiso zazo ngepolitiki zincika kwezikufunayo zona
ziphikisane
nokufunwa imiphakathi. U Holloway uhlukile kakhulu kulokhu
ngoba
yena ukholelwa ukuthi abantu bemiphakathi yibo abanamandla
okwenza
uguquko ngoba imizabalazo yabo isukela empilweni
yemihlangemihla,
lokhu okufanayo nokuhlezi kushiwo Abahlali mabekhuluma
ngepolitiki
ephilayo.
U Holloway ubuye athi ingcindezelo ayiqhamuki nje kuphela
ohlangothini olulodwa. Uthi sonke siyizisulu zengcindezelo
kangangokuthi kwalaba abacindezelwe banendlela yokuqhubezela
phambili ingcindezelo. Ukholelwa ukuthi akusiko konke ukulwa
nengcindezelo okwenzeka ngendlela enesizotha nesithunzi
nenkululeko.
Abahlali nabo bayavuma ukuthi kumele kubekhona ukwelashwa
emoyeni
ngaphakathi kubantu abayingxenye yemizabalazo yemiphakathi
ngoba
kuyavela ukuthi ulaka lwabantu lungaholela noma kwisiphi
isimo,
senkululeko noma sobungozi. Abahlali babuye bakhombise
ukuzimisela
ukulwa nezinkomba zengcindezelo ezivela ngaphakathi
kumbutho. Lapha
siyabona futhi ukuxhumana kwemibono kaHalloway nowaBahlali.
Ukusebenzisana kuka Holloway namaZapatista kwaveza ukuthi
isithunzi sabantu, ukusetshenziswa kwamandla kanye nokulwela
inkululeko kuyingxenye yomzabalazo. U Holloway uchaza
ukulwela
isithunzi njengokuphikisana nokuhlanjalazwa nokwenziwa
umuntukazana. Siyazi ukuthi eNingizimu Afrika abantu bahlezi
begcizelela ukuthi ubuntu yibo obubenza baqale imizabalazo.
Lendlela
yokuba yingxenye yomzabalazo igcizelela ukuthi wonke umuntu
uyalingana nokuthi isithunzi somuntu wonke sibalulekile
nokuthi
inkululeko kuzofinyelelwa kuyo uma abantu abacindezelwe
besebenza
ngokuhloniphana. Zikhona izinkomba zokuthi ezingxenyeni
ezithile e
Ningizimu Afrika lokhu kuyenzeka.
U Holloway uveza iphuzu lamaZapatista ukucacisa kulokhu:
ukuhlupheka kwasihlanganisa sabamunye kwasenza sakhuluma,
futhi siyazi esikukhulumayo kuyiqiniso, asikhulumi nje
kuphela
ngokuhlupheka kodwa nangethemba esinalo ezinhliziyweni
zethu. Sikhuluma noqobo lwethu sibuka imvelaphi yethu: obaba
bethu nobabamkhulu bethu babehlupheka bezabalaza, obaba
babegcwele intukuthelo, sabona ukuthi asiphucwanga yonke
into,
kukhona okwasala okuyikho okusenza siphile sisukume siqine
namadolo, lokhu ISITHUNZI sethu,isithunzi sethu siyigugu
kithi
sonke, senza sizizwe singabantu futhi, sizizwe sivuka
kabusha
ezinhliziyweni zethu, sibizelwe esithunzini sethu,
emzabalazweni.
Kulesiqephu nakuba kuyinkinga ukungaphawuli ngokulingana
kobulili
neqhaza labesimame, lokhu kumele ngasosonke isikhathi kube
umongo
wemizabalazo yenkululeko. Imizabalazo iphumeleliswa
ukusebenza
ngokubambisana kuhlonishwe ubuntu nesithunzi somuntu wonke.
U Holloway uyaveza ukuthi emazweni amaningi izinhlangano
ebezilwela inkululeko ziyaye zithathe umbuso bese ziphatha
ngendlela
efanayo nekade ziphikisana nayo. La eNingizimu Afrika
sikwazi kahle
lokhu. Iqiniso ukuthi uhulumeni wobandlululo wanqotshwa
kodwa
ukuxoshwa kwabantu ezindaweni, ukuvalelwa ezinkanjini,
ukungabiwa
komhlaba ngokulingana, ukuxhashazwa emisebenzini
nokucindezelwa
kwamashoshozela enkululeko kusayizinto ezenzekayo ezweni
lakithi.
Ukuphuma kulolugibe uHolloway ululeka ngamacebo
asetshenziswa
amaZapatista. Uthi amashoshozela emizabalazo kumele ayeke
ukutshela
abantu ukuthi kumele benzeni kodwa wona kufanele afunde
ukulalela
abantu. Uqhubeka athi amaZapatista awazange athathe umbuso
ohlelwe
ngokwezinhlaka zababusi bengcindezelo kodwa azenzela ezawo
izinhlelo
okuwukubusa ngokwabelana amandla. Lapha abacindezelwe
bazihlela
bona ngendlela yezimiso zabo.
Umbono ka Holloway akusiko nje ukuthi umbuso uphatha
ngengcindezelo, uyavuma ukuthi kukhona ohulumeni abenza
kangcono
nokuthi ukulwela uguquko kohulumeni kusemqoka kakhulu. Kodwa
uphawula umehluko phakathi kwepolitiki yenhlupheko
nepolitiki
yesithunzi. Uthi ipolitiki yenhlupheko iholwa ongoti
besebenzisa
ubuchwepheshe, imiphakathi ayilalelwa iyatshelwa ukuthi
yenzeni
ngethemba lokuthi kuzobakhona ukulingana ngokwamalungelo.
Kodwa
ipolitiki yesithunzi yakhelwe phezu kwesisekelo
sokuhlonishwa
kwemibono yabantu bemiphakathi kanye nokuzikhandla kwabo.
Lepolitiki
izibophezela ekwakhiweni kokulingana ngamalungelo.
La eNingizimu Afrika abantu sebeke bayingxenye yemikhankaso
efana ne, No Land, No House, No Vote, kanye nokuphikisana
kokungahlinzekwa ngengqalasizinda, kubhikishelwa amakhansela
kanye
nezinhlangano zepolitiki. Kuyavela nokuthi kwezinye
izikhathi abantu
besebengasakholelwa ekuqokeni abantu abazobamela kuhulumeni
kodwa
bazakhele ezabo izinhlaka zobuholi. Abahlali basemjondolo
bayaye
bazwakalise ukwesekana kwemiphakathi okugxile ekwenzisaneni,
ukuzabalazisana nasekubeni ndawonye hayi ukwenzela
nokukhulumela
imiphakathi. Lokhu kuxhumana kakhulu nendlela uHolloway
acabanga
ngayo ngemizabalazo.
Kuyaziwa ukuthi kunabathile abacabanga ukuthi banazo zonke
izimpendulo, inkinga nje ukuthi abalalelwa. Kuyaziwa ukuthi
ubungoti
ngemizabalazo abuhlangani neqiniso ngendlela imizabalazo
ehamba
ngayo. Amacebo namasu ngemizabalazo akhandwa phakathi
emzabalazweni, hayi ngaphandle kwemizabalazo, njengoba noMnu
Sbu
Zikode waBahlali esho: “amacebo omzabalazo acatshangwa
emgaqweni
sigijima”. Lendlela yokubuka umzabalazo ixhumana kakhulu
nendlela
uHolloway abuka ngayo imizabalazo.