Showing posts with label isiZulu. Show all posts
Showing posts with label isiZulu. Show all posts

Wednesday, 12 September 2012

Umlando ka John Holloway

uRichard Pithouse
U John Holloway uyinculabuchopho eyikomanisi (communist philosopher), umsebenzi wakhe uchazwa njengogxile emizabalazweni yokuzimela kanye nenkululeko yabantu.

U Holloway wazalelwa eIreland wabamba iqhaza emizabalazweni yaseNgilandi. Wayebhala ngemizabalazo yabasebenzi bemboni yezimoto yakwa Nissan eSunderland ngo 1980. Njengamanje usehlala eMexico lapho eyingxenye yomzabalazo wombutho odumile okuthiwa ama Zapatista. Ngonyaka ka 2002 wabhala incwadi ethi Change the World without Taking Power (ukushintsha izwe ngaphandle kokuphatha umbuso). Lencwadi yaba nomthelela omkhulu ekulweni nogombela kwesabo abayizikhondlakhondla zomnotho basemazweni aseMelika nase Europe kumbandakanya nokubhikishela inhlangano yezokuhweba yomhlaba (World Trade Organisation) eSeattle ngo November ka 1999.

Friday, 15 July 2011

Ngicelwe ukuba ngikhulume ngokuthi “kungaliwa kanjani noMbuso?” Lo ngumbuzo onzulu, anginazo izimpendulo ezilula

bhalwe ngu – Arundhati Roy yahunyushelwa esiZulwini ngu – Nontobeko Hlela, Abahlali baseMjondolo
 
Uma sikhuluma ngokuphikisana no “Mbuso”, kudingeka sizibuze ukuthi “uMbuso” uchazani? Ngabe uchaza uhulumeni waseMelika (kanye namazwe ezwa yona ase-Europe), iBhange lomhlaba (World Bank), inhlangano yezizwe ebheka izindaba zezimali (International Monetary Fund), noma inhlangano yomhlaba ephathelene nezokuhweba na (World Trade Organization)? Noma mhlawumbe yinto engaphezulu kwalokhu.
Emazweni amaningi lombuso usuzale imixhantela eminye, eminye yalemixhantela evela emaceleni iyingozi – njengoku phakamisa ubuzwe (nationalism), ukucwasana ngokwenkolo, ukuphatha ngengcindezelo nobuhluku, kanye nobuphekula zikhuni. Zonke lezi zinto zihambisana ncamashi kanye nezinhloso ze-corporate globalization.

Thursday, 23 June 2011

UFrantz Fanon waziwa kakhulu njengomunye wezinculabuchopho zomzabalazo wenkululeko eAfrika

Mark Butler, David Ntseng & Richard Pithouse

Wazalelwa esiqhingini sase Martinique ngo1925. IMartinique yayibuswa ngaphansi kwengcindezelo yombuso waseFrance. Abantu abahlala khona kwakungabokudabuka eMartinique, kanye nabase Afrika ababelethwe ngaphansi kohlelo lokuthumba abantu base Afrika benziwe izigqila kanye nabokudabuka eNdiya ababelethelwe ukuzotshala umoba eMartinique ukuze uthunyelwe eFrance.